NgokukaJohane 8:31-59

NgokukaJohane 8:31-59 ZUL59

Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?” UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kepha nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami lingenandawo kini. Ngikhuluma lokho engikubonile mina kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwile kuyihlo.” Baphendula, bathi kuye: “Ubaba ngu-Abrahama.” UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama. Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama kakwenzanga lokho. Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Bathi kuye: “Thina asizalwanga ngokuphinga; sinobaba munye, uNkulunkulu.” Wathi kubo uJesu: “Uma uNkulunkulu ebenguyihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile. Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami. Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo. Kepha mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi. Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi ngani na? OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.” Baphendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?” UJesu waphendula wathi: “Anginademoni, kepha ngidumisa uBaba; nina-ke niyangidumaza. Mina-ke angifuni olwami udumo; ukhona ofunayo nowahlulelayo. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa naphakade.” Bathi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni; u-Abrahama wafa, nabaprofethi; wena-ke uthi: ‘Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akuzwa ukufa naphakade.’ Wena umkhulu yini kunobaba u-Abrahama osewafa na? Nabaprofethi sebafa. Uzenza bani na?” UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu. Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe. U-Abrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami, walubona, wajabula.” Base bethi kuye abaJuda: “Awukabi naminyaka engamashumi ayisihlanu, kanti u-Abrahama usuke wambona na?” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho u-Abrahama, ngangikhona mina.” Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo