NgokukaJohane 7:1-13

NgokukaJohane 7:1-13 ZUL59

Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala. Kwase kusondele umkhosi wabaJuda, owamadokodo. Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo. Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, efuna yena uqobo lwakhe abe sobala. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise wena kulo izwe.” Ngokuba nabafowabo babengakholwa nguye. Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, isikhathi senu silungile njalo. Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.” Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile. Sebenyukele emkhosini abafowabo, naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese. Khona abaJuda bamfuna emkhosini, bathi: “Uphi yena na?” Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.” Nokho kwakungekho muntu owakhuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda.