Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongalizwa na?” Kepha uJesu azi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi: “Lokhu kuyanicunula na? Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na? NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila. Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.” Wayesethi: “Kungenxa yalokho ngithe kini: Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.”
Funda NgokukaJohane 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 6:60-65
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo