NgokukaJohane 5:1-9

NgokukaJohane 5:1-9 ZUL59

Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu. Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhulu, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi, izamazamise amanzi, kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini. Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. UJesu embona elele, azi ukuthi usenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na?” Ogulayo wamphendula wathi: “Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.” UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.” Wayesephila masinyane lowo muntu, wathabatha uhlaka lwakhe, wahamba. Kwakuyisabatha ngalolo suku.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 5:1-9

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo