NgokukaJohane 4:11-26

NgokukaJohane 4:11-26 ZUL59

Wathi kuye: “Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi, umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na? Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?” Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome; kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.” Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.” Wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze lapha.” Owesifazane waphendula wathi: “Anginandoda.” UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: ‘Anginandoda;’ ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.” Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena. Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.” UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema. Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda. Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo. UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.” Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu; nxa esefikile yena, uyakusitshela konke.” UJesu wathi: “Nginguye mina engikhuluma nawe.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo