NgokukaJohane 21:1-6

NgokukaJohane 21:1-6 ZUL59

Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanje: kwakukhona ndawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba.” Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.” Base bephuma, bangena emkhunjini; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho. Kuthe sekusa, uJesu wayemi ogwini. Kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu. UJesu wathi-ke kubo: “Bantwana, aninakho ukudla na?” Bamphendula bathi: “Qha.” Wayesethi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola.” Base bephonsa, ababe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 21:1-6