Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku, olokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.” Eseshilo lokho wabakhombisa izandla nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi beyibona iNkosi. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.” Kwathi ukuba asho njalo, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele.
Funda NgokukaJohane 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 20:19-22
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo