NgokukaJohane 2:1-11

NgokukaJohane 2:1-11 ZUL59

Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu. NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.” UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.” Wathi unina ezincekwini: “Nayikuphi akusho kini anokwenza.” Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwe ngesiko lokuhlamba labaJuda, ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu. UJesu wathi ezincekwini: “Gcwalisani izimbiza ngamanzi;” zazigcwalisa-ke. Wayesethi kuzo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla;” zayisa-ke. Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi, umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye: “Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.” Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.

Video for NgokukaJohane 2:1-11

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 2:1-11