NgokukaJohane 18:1-17, 19

NgokukaJohane 18:1-17 ZUL59

UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe, waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe. NoJuda owamkhaphelayo wayeyazi leyo ndawo, ngokuba uJesu wayevama ukuhlangana khona nabafundi bakhe. Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali. Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma, wathi kubo: “Nifuna ubani na?” Bamphendula bathi: “UJesu waseNazaretha.” UJesu wathi kubo: “Yimina.” UJuda omkhaphelayo wayemi nabo. Kuthe-ke ukuba athi kubo: “Yimina,” bahlehla nyovane, bawa phansi. Waphinda wababuza wathi: “Nifuna ubani na?” Bathi: “UJesu waseNazaretha.” UJesu waphendula wathi: “Nginitshelile ukuthi yimina; uma-ke nifuna mina, bayekeni laba, bahambe,” ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi: “Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.” USimoni Petru enenkemba wayihosha, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi. Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?” Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha; baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka. UKayafase kambe nguye owaluleka abaJuda ngokuthi kubalungele ukuba kufe umuntu abe munye ngenxa yesizwe. USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu; kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru. Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru: “Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na?” Wathi yena: “Angisiye.”

NgokukaJohane 18:19 ZUL59

Kepha umpristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe.