NgokukaJohane 16:1-18

NgokukaJohane 16:1-18 ZUL59

“Lokho ngikukhulume kini ukuba ningakhubeki. Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu. Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami; kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani. “Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’ Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi. Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela: ngesono, ngokuba bengakholwa yimi; ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe. “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele. “Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.” Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: “Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba,’ na?” Bathi: “Kuyini lokho akushoyo ukuthi: ‘Yisikhashana,’ na? Asazi ukuba uthini.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo