NgokukaJohane 11:1-23

NgokukaJohane 11:1-23 ZUL59

Kwakukhona othile ogulayo, uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta. UMariya kwakunguye owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula. Ngakho-ke odadewabo bathumela kuye, bathi: “Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula.” UJesu esekuzwile lokho wathi: “Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.” Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru. Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula, wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo. Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye, siye eJudiya.” Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand' ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?” UJesu waphendula wathi: “Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.” Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.” Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.” Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo. Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile; ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.” Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.” Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni. IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu. Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo. Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini. Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga; kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.” UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 11:1-23