UJeremiya 45

45
Isiprofetho ngoBaruki
1 Izwi uJeremiya, umprofethi, alikhuluma kuBaruki, indodana kaNeriya, ekulobeni kwakhe lawa mazwi encwadini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lokuthi: 2“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kuwe Baruki: 3 Uthi wena: ‘Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.’
4“Uyakusho kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukudiliza, nalokhu engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, ezweni lonke. 5 Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inyama yonke okubi, usho uJehova, ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 45: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume