Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli. Usho kanje uJehova, uthi:
“Ningayifundi indlela yabezizwe,
ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini,
ngokuba abezizwe bezesaba.
Ngokuba imikhuba yabantu iyize,
lokhu kugawulwa umuthi ehlathini;
ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.
Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide,
bawubethela ngezipikili nangezando
ukuba ungazamazami.
Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi;
uyathwalwa nokuthwalwa,
ngokuba awuhambi.
Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi,
nokuhle awunakukwenza.”
Akakho onjengawe Jehova;
umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.
Ngubani ongekwesabe,
Nkosi yezizwe,
ngokuba uyimfanelo yakho,
ngokuba phakathi kwabo bonke
abahlakaniphileyo bezizwe
nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.
Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke;
ngukulaya kwezithombe;
kungumuthi nje,
nezingcwecwe zesiliva
ezilethwe zivela eTharishishi
negolide lase-Ofiri,
umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi,
kugqokiswe okuluhlaza nokububende,
kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.
Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso,
unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade;
ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama,
izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.
“Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”
Wawenza umhlaba ngamandla akhe,
walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,
ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.
Lapho elizwakalisa izwi lakhe,
kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;
uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,
enzele imvula unyazi,
awukhiphe umoya endlini yengcebo.
Bonke abantu bayiziphukuphuku,
abanakwazi;
bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,
ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,
nomoya awukho kuzo.
Ziyize, umsebenzi wenkohliso;
ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.
Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,
ngokuba nguye obumbile konke;
u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe,
nguJehova Sebawoti igama lakhe.