AbAhluleli 21:20-25

AbAhluleli 21:20-25 ZUL59

Abayala abantwana bakwaBenjamini, athi: “Hambani niqamekele ezivinini, nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona, anophuma ezivinini, nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini. Kuyakuthi lapho oyise noma abanewabo befika ukuphikisana nathi, sithi kubo: ‘Sinikeni wona ngomusa, ngokuba asithathanga, kwaba yilowo nalowo umkakhe empini, futhi anibanikanga wona; khona ngabe nitholile icala.’ ” Abantwana bakwaBenjamini benze njalo, bazithathela abafazi njengenani labo kwabasinayo, ababaqhwagayo; bahamba, babuyela efeni labo, bakha imizi, bahlala kuyo. Abantwana bakwa-Israyeli bamuka khona ngaleso sikhathi, yilowo nalowo waya esizweni sakhe nasemndenini wakhe, baphuma lapho, yilowo nalowo waya efeni lakhe. Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.