EkaJakobe 3:1-6

EkaJakobe 3:1-6 ZUL59

Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu. Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu. Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo. Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona. Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka; nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 3:1-6