U-Isaya 66:9-14

U-Isaya 66:9-14 ZUL59

Mina ngiyakusondeza ekuzalweni ngingazalisi na?” usho uJehova. “Mina engingozalisayo bengiyakuvala na?” usho uNkulunkulu wakho. “Thokozani kanye neJerusalema, nilethabele nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo, ukuze nincele, naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo, nenyiselwe, nename ngokugcwala kwenkazimulo yalo.” Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, nincele, niphathwe ngezingalo zalo, niwothwe nisemathangeni. Njengoduduzwa ngunina, kanjalo ngiyakuniduduza nina, niduduzeke eJerusalema.” Niyakukubona, izinhliziyo zenu zijabule, amathambo enu ahlume njengohlaza; isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuthi sisezincekwini zakhe, athukuthelele izitha zakhe.