Ngimisile abalindi phezu kwezingange zakho, Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli, futhi ningamniki ukuphumula, aze akhe iJerusalema, alibeke libe yindumiso emhlabeni. UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayikuzinika izitha zakho amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo, kodwa abawaqoqileyo bayakuwadla, bamdumise uJehova, nabaliqoqileyo bayakuliphuza emagcekeni endlu yami engcwele.” Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; hlelani, niwuhlele umendo, niwakhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.* Bhekani, uJehova uyezwakala kuze kube sekugcineni komhlaba, ethi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: ‘Bheka, insindiso yakho iyeza. Bheka, umvuzo wakhe unawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ” Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele, abahlengiweyo bakaJehova; wena uyakuthiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiyiwe.
Funda U-Isaya 62
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 62:6-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo