U-Isaya 40:12-31

U-Isaya 40:12-31 ZUL59

Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngezikalo* namagquma ngezisindo, na? Ngubani oqondisile uMoya kaJehova, wamfundisa engumluleki wakhe, na? Walulekana nobani waze wamqondisa, wamfundisa indlela yokwahlulela, wamnika ukwazi, wamazisa indlela yokuqonda, na? Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni, zibalwa njengothuli lwesilinganiso; bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo. ILebanoni alanele ukubaswa, nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa. Zonke izizwe zinjengento engelutho phambi kwakhe, zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye. Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani, nimlinganise namuphi umfanekiso, na? Yisithombe yini esibunjiwe yisisebenzi, sanamekwa ngegolide ngumkhandi, sancibilikiselwa amaketanga esiliva, na? Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjalo uyakhetha umuthi ongaboliyo, azifunele isisebenzi esihlakaniphileyo ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa. Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni, aniqondanga kwasekusekelweni komhlaba, na? Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba – abakhile kuwo banjengezintethe – noweneka izulu njengendwangu, alelule njengetende ukuba kuhlalwe kulo, nowenza izikhulu zibe yinto engelutho, nabahluleli ukuba babe yize. Yebo, banele ukutshalwa nje, yebo, banele ukuhlwanyelwa nje, yebo, isiqu sanele ukugxila emhlabathini, abesephephetha kubo, babune, isivunguvungu sibasuse njengamabibi. “Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye?” usho oNgcwele. Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa. Usholoni wena Jakobe, ukhulumelani wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuJehova, ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami,” na? Awazi yini? Awuzwanga na? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa. Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.