U-Isaya 20

20
Isiprofetho ngeGibithe neKushe
1 Ngomnyaka wokufika kukaTharithani e-Ashidodi, ethunywe nguSarigoni, inkosi yase-Asiriya, walwa ne-Ashidodi, walithatha, 2 ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika-Isaya indodana ka-Amose, wathi: “Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho, ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho.” Wenze njalo, wahamba ze, akafakanga nazicathulo.
3 UJehova wathi: “Njengalokhu inceku yami u-Isaya isihambe ze ingafakile nazicathulo iminyaka emithathu, iyisibonakaliso nesimangaliso eGibithe naseKushe, 4kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe, abasha nabadala, behamba ze, bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe. 5 Bayakuphela amandla, babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo. 6Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku: ‘Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe, sophulwe enkosini yase-Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 20: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo