Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.
Funda U-Isaya 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 2:1-4
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo