U-Isaya 16

16
1 Thumani amawundlu ombusi wezwe
aphume eSela ngasehlane,
aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.
2Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo,
njengamaphuphu ahlakazekileyo,
abe njalo amadodakazi akwaMowabi
emazibukweni ase-Arinoni.
3“Lulekanani, nenze izinqumo,
ubeke isithunzi sakho njengobusuku
phakathi kwemini,
nithukuse abaxoshiweyo,
ningadaluli ababalekileyo.
4Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe;
mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.”
Lapho umcindezeli esephelile,
nokuchitha sekuyekiwe,
nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,
5 kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa,
kuhlale kuso ngeqiniso
etendeni likaDavide
umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.
6Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi
ukuthi uphakeme kakhulu,
nangokuzidla kwakhe
nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhe
nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.
7Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi;
bonke bayakuklewula.
Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomvini
ezomileyo zaseKhiri Haresheti
nidabukile kakhulu.
8 Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunile
kanye nomvini waseSibima;
amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;
afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;
amahlumela awo elulwa,
awela ulwandle.
9Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibima
njengokukhala kweJazeri,
ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami,
nawe Elehale,
ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakho
kuwile ukumemeza kwempi.
10Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini;
nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa;
abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;
ngenze ukuba kuphele ukumemeza.
11 Ngalokho inhliziyo yami
iyakhala njengehabhu* ngoMowabi,
nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.
12Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala,
azikhathaze endaweni ephakemeyo,
aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze,
angaphumeleli.
13 Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi. 14Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 16: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume