Uyakusho ngalolo suku ukuthi: “Ngiyakubonga, Jehova, ngokuba wangithukuthelela, kepha intukuthelo yakho isibuyile, uyangiduduza. Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.” Ngalokho niyakukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso. Niyakusho ngalolo suku ukuthi: “Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe, nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.
Funda U-Isaya 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 12:1-4
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo