U-Isaya 11:1-3

U-Isaya 11:1-3 ZUL59

Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe. UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 11:1-3