UHoseya 5

5
Ukukhohlisa kuka-Israyeli
1 “Yizwani lokhu nina bapristi,
nilalele nina ndlu ka-Israyeli,
nibeke indlebe nina ndlu yenkosi,
ngokuba ukwahlulela kukinina,
lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.
2Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo,
kepha ngingumlayi wabo bonke.
3Ngiyamazi mina u-Efrayimi,
u-Israyeli akafihlekile kimi,
ngokuba manje, Efrayimi, ufebile,
u-Israyeli uzingcolisile.
4“Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu,
ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo,
noJehova abamazi.
5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe;
o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo;
naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.
6Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zabo
ukuyofuna uJehova;
kepha abayikumfumana;
umonyukile kubo.
7 Bamkhohlisile uJehova,
ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi;
manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.
8“Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama;
hlabani umkhosi eBeti Aveni:
basemva kwakho, Benjamini!
9U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa,
ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.
10 Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele;
ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.
11U-Efrayimi ucindezelekile,
uchotshoziwe ekwahlulelweni,
ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.
12Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi,
nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.
13 “Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe
noJuda isilonda sakhe,
u-Efrayimi waya e-Asiriya,
wathumela enkosini uJarebi;
kepha ingeniphulukise,
ayinakusipholisa isilonda senu.
14 Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi,
nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda;
mina yebo, mina ngiyakudwengula,
besengimuka;
ngiyakususa, kungekho owophulayo.
15Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami,
baze bazithwese icala labo,
bafune ubuso bami;
osizini lwabo bayakungifunisisa.”

Okuqokiwe okwamanje:

UHoseya 5: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume