KumaHeberu 9:11-15

KumaHeberu 9:11-15 ZUL59

Kepha lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele* elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa, wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade. Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama, kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo. Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 9:11-15

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo