KumaHeberu 8:10-11

KumaHeberu 8:10-11 ZUL59

Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi INkosi;’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.