KumaHeberu 3:1-19

KumaHeberu 3:1-19 ZUL59

Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu, owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke. Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu. Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu. UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa, kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni. Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane, lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane; ngalokho nganengwa yileso sizukulwane, ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo, abazazanga izindlela zami,’ ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ” Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo; kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono, ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni. Uma kuthiwa: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni,” pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na? Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na? Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na? Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo