KumaHeberu 13:1-8

KumaHeberu 13:1-8 ZUL59

Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi. Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni. Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela. Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?” Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo. UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 13:1-8