KumaHeberu 12:18-29

KumaHeberu 12:18-29 ZUL59

Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini, nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo, ngokuba babengenakukuthwala lokho abayalwa ngakho kokuthi: “Ngisho nesilwane, uma sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe,” yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,” kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi, nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo, nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela. Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini, ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kepha manje uthembisile wathi: “Kusezakuba kanye ngizamazamise kungabi ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi.” Lokho kokuthi: “Kusezakuba kanye” kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime. Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela, ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.