KumaHeberu 11:23-27

KumaHeberu 11:23-27 ZUL59

Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi. Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro; kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni, ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo. Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 11:23-27