UGenesise 48:1-6

UGenesise 48:1-6 ZUL59

Kwathi emva kwalezo zinto kwathiwa kuJosefa: “Bheka, uyihlo uyagula.” Wayesethatha amadodana akhe omabili, oManase no-Efrayimi. Kwase kushiwo kuJakobe ukuthi: “Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza kuwe.” Wayeseziqinisa u-Israyeli, wahlala embhedeni. UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa, wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’ “Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami. Kepha inzalo yakho oyizala emva kwabo izakuba ngeyakho; iyakubizwa ngegama labafowabo efeni lalabo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo