ULabani wayenamadodakazi amabili; igama lenkulu lalinguLeya, igama lencane lalinguRaheli. Amehlo kaLeya ayebuthakathaka, kepha uRaheli wayemuhle ngesimo, ebukeka kahle. UJakobe wamthanda uRaheli; wathi: “Ngizakukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.” Wayesethi uLabani: “Kuhle ukuba ngimnike wena kunokuba ngimnike enye indoda; hlala kimi.” UJakobe wayesesebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa; yayisemehlweni akhe njengezinsuku eziyingcosana nje ngenxa yokumthanda kwakhe. UJakobe wathi kuLabani: “Nginike umkami, ngokuba izinsuku zami seziphelile, ngize ngingene kuye.” ULabani wabutha abantu bonke bakuleyo ndawo, wenza idili. Kepha kwathi kusihlwa wathatha uLeya indodakazi yakhe, wamyisa kuye; wangena kuye. ULabani wanika indodakazi yakhe uLeya incekukazi yakhe uZilipa, abe yincekukazi yakhe. Kwathi ekuseni, bheka, kunguLeya; wayesethi kuLabani: “Kuyini lokhu okwenzile kimi na? Angikusebenzelanga ngoRaheli na? Ungikhohliseleni na?”
Funda UGenesise 29
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 29:16-25
7 Days
Whether you’re experiencing the loss of a friendship, a broken dream, or a breakup—experiencing heartbreak can be confusing and challenging. In this 7-Day Bible Plan, you’ll learn how to tend to your broken heart God’s way.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo