UGenesise 26:12-13

UGenesise 26:12-13 ZUL59

U-Isaka watshala kulelo zwe, wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa. Lowo muntu waba mkhulu; kwayilokhu eqhubeka ukukhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu.