UGenesise 21:1-7

UGenesise 21:1-7 ZUL59

UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile. USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye. U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona, ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka. U-Abrahama wayisoka indodana yakhe u-Isaka isinezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile. U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu, lapho ezalelwa u-Isaka indodana yakhe. USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.” Wathi futhi: “Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 21:1-7