UGenesise 21:1-13

UGenesise 21:1-13 ZUL59

UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile. USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye. U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona, ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka. U-Abrahama wayisoka indodana yakhe u-Isaka isinezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile. U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu, lapho ezalelwa u-Isaka indodana yakhe. USara wathi: “UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihlekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.” Wathi futhi: “Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala.” Umntwana wakhula, walunyulwa; u-Abrahama wenza idili elikhulu mhla u-Isaka elunyulwa. USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u-Abrahama idlalisa. Wathi ku-Abrahama: “Sixoshe lesi sigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yalesi sigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yami u-Isaka.” Leli zwi lalilibi kakhulu emehlweni ka-Abrahama ngenxa yendodana yakhe. UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka. Nayo indodana yesigqilakazi ngiyakuyenza isizwe, ngokuba iyinzalo yakho.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 21:1-13