U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala. Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.” U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi: “Bheka, ngokwami isivumelwano sami sikuwe; uyakuba nguyise wezizwe eziningi. Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizakuba ngu-Abrahama, ngokuba ngikwenzile uyise wezizwe eziningi. Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ngikwenze isizwe, kuvele namakhosi kuwe.
Funda UGenesise 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 17:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo