UGenesise 17:1-5

UGenesise 17:1-5 ZUL59

U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala. Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.” U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi: “Bheka, ngokwami isivumelwano sami sikuwe; uyakuba nguyise wezizwe eziningi. Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizakuba ngu-Abrahama, ngokuba ngikwenzile uyise wezizwe eziningi.