KwabaseGalathiya 5:16-26

KwabaseGalathiya 5:16-26 ZUL59

Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama. Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo. Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho. Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo. Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko. Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya. Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.