KwabaseGalathiya 2:16-21

KwabaseGalathiya 2:16-21 ZUL59

kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama. “Kepha uma thina, lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu, nathi uqobo safunyanwa siyizoni, kanti uKristu uyisikhonzi sesono na? Qha nakanye. Ngokuba uma ngibuye ngakhe engikudilizileyo, ngifakaza ukuthi ngingoweqa umthetho. Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphilele uNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu; akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.”