KwabaseGalathiya 1:11-17

KwabaseGalathiya 1:11-17 ZUL59

Ngokuba ngiyanazisa, bazalwane, ukuba ivangeli elishunyayelwe yimina alisilo elingokwabantu. Ngokuba nami angilamukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kepha ngilithole ngokwambulelwa nguJesu Kristu. Nizwile phela lokhu ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni ukuthi ngalizingela kakhulu ibandla likaNkulunkulu, ngalichitha, futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi, ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho. Kepha-ke mhla kwaba kuhle kuNkulunkulu owangahlukanisela kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe ukuba ayambule iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi, futhi angenyukelanga eJerusalema kubona ababe ngabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngamuka ngaya e-Arabiya, ngaphinda ngabuyela eDamaseku.