UHezekeli 15
15
Umvini owomileyo
1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, umuthi womvini udlula ngani imithi yonke, igatsha lomvini eliphakathi kwemithi yasehlathini, na? 3Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka isitsha, na? 4Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe, ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na? 5Bheka, usaphelele awenziwanga waba ngokomsebenzi; kakhulu kangakanani, lapho umlilo uwuqedile wahanguka, uyobe usenziwa ube ngokomsebenzi, na?
6“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Njengomuthi womvini phakathi kwemithi yasehlathini engiwunike umlilo ukuba uqedwe, kanjalo ngiyakunikela abakhileyo eJerusalema. 7 Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda; niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo. 8Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo, ngokuba benze isiphambeko, isho iNkosi uJehova.”
Okuqokiwe okwamanje:
UHezekeli 15: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.