Walenza negceke; ngaseningizimu ohlangothini lwaseningizimu izilenge zegceke zaziyilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izingalo eziyikhulu. Izinsika zazo zazingamashumi amabili, nezinyawo zazo zazingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zaziyisiliva. Ngasohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyikhulu, izinsika zazo zingamashumi amabili, nezinyawo zazo zingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.
Ngasohlangothini olungasentshonalanga izilenge zaziyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, izinsika zazo zaziyishumi, nezinyawo zazo zaziyishumi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva. Nangasempumalanga ngasohlangothini olungasempumalanga yizingalo ezingamashumi ayisihlanu. Izilenge kwelinye icele lesango zaziyizingalo eziyishumi nanhlanu; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu. Kwaba njalo nakwelinye icele: ngalapha nangalapha kwesango legceke zazikhona izilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu. Zonke izilenge zegceke nxazonke zazingezelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. Izinyawo zezinsika zaziyithusi, izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva; izihloko zazo zazinamekwe ngesiliva; zonke izinsika zegceke zazinesibopho sesiliva.
Iveli lesango legceke lalingumsebenzi womfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama ngokobubanzi bezilenge kwakuyizingalo eziyisihlanu ngokulingene nezilenge zegceke. Izinsika zalo zazizine, nezinyawo zalo zazizine zethusi; izingwegwe zaziyisiliva, ukunamekwa kwezihloko nokwezibopho kwakuyisiliva. Zonke izikhonkwane zetabernakele* nezegceke nxasonke zaziyithusi.
Lokhu kuyimali yetabernakele,* itabernakele lobufakazi, njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose, ngokubala kwamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi. UBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda, wakwenza konke uJehova amyale ngakho uMose. Wayeno-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani, umqophi nengcweti nomfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. Lonke igolide okwasetshenzwa ngalo, wonke umsebenzi wendlu engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta* angamashumi amabili nesishiyagalolunye namashekeli* angamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu ngokweshekeli lendlu engcwele.
Isiliva lababebalwa esizweni lalingamatalenta* ayikhulu namashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele, kwaba yilowo nalowo wanikela ngebeka* eliyinxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele kubo bonke abadlulela kwababaliweyo abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu. Amatalenta* ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo, izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu, italenta ngonyawo. Ngamashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu wenza izingwegwe zezinsika, wanameka izihloko zazo, wazenzela izibopho.
Ithusi lomnikelo laba ngamatalenta* angamashumi ayisikhombisa namashekeli* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amane. Wenza ngalo izinyawo zomnyango wetende lokuhlangana, ne-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinto zonke ze-altare, nezinyawo zegceke nxazonke, nezinyawo zesango legceke, nazo zonke izikhonkwane zetabernakele, nazo zonke izikhonkwane zegceke nxazonke.