U-Eksodusi 38:1-20

U-Eksodusi 38:1-20 ZUL59

Walenza i-altare lomnikelo wokushiswa ngomuthi womtholo; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu; laba nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu. Wazenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zazikunye nalo; walinameka ngethusi. Wazenza zonke izinto ze-altare, amakhanzi, namafosholo, nezitsha, nezimfoloko, nemicengezi yomlilo; wazenza zonke izinto zalo ngethusi. Walenzela i-altare ihele lethusi elenziwe njengenetha phansi kosiko oluzungeza i-altare ukuba lifinyelele ngaphakathi kwe-altare ukuya phezulu. Wakhanda amasongo amane amagumbi omane ehele lethusi, abe yizindawo zezinti. Wazenza izinti ngomuthi womtholo, wazinameka ngethusi. Wazifaka izinti emasongweni ezinhlangothini ze-altare ukuba lithwalwe ngazo; walenza ngamapulangwe laba yigobongo. Wawenza umcengezi wethusi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane abahlangana ukuyokhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana. Walenza negceke; ngaseningizimu ohlangothini lwaseningizimu izilenge zegceke zaziyilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izingalo eziyikhulu. Izinsika zazo zazingamashumi amabili, nezinyawo zazo zazingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zaziyisiliva. Ngasohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyikhulu, izinsika zazo zingamashumi amabili, nezinyawo zazo zingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva. Ngasohlangothini olungasentshonalanga izilenge zaziyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, izinsika zazo zaziyishumi, nezinyawo zazo zaziyishumi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva. Nangasempumalanga ngasohlangothini olungasempumalanga yizingalo ezingamashumi ayisihlanu. Izilenge kwelinye icele lesango zaziyizingalo eziyishumi nanhlanu; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu. Kwaba njalo nakwelinye icele: ngalapha nangalapha kwesango legceke zazikhona izilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu. Zonke izilenge zegceke nxazonke zazingezelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo. Izinyawo zezinsika zaziyithusi, izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva; izihloko zazo zazinamekwe ngesiliva; zonke izinsika zegceke zazinesibopho sesiliva. Iveli lesango legceke lalingumsebenzi womfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama ngokobubanzi bezilenge kwakuyizingalo eziyisihlanu ngokulingene nezilenge zegceke. Izinsika zalo zazizine, nezinyawo zalo zazizine zethusi; izingwegwe zaziyisiliva, ukunamekwa kwezihloko nokwezibopho kwakuyisiliva. Zonke izikhonkwane zetabernakele* nezegceke nxasonke zaziyithusi.