U-Eksodusi 35

35
Umyalelo wesabatha
1UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze. 2 Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa. 3Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.”
Inkongozelo yetabernakele*
4UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi: 5 Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube ngumnikelo kaJehova: igolide, nesiliva, nethusi, 6nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, 7nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* nomuthi womtholo, 8namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo, 9namatshe amashohamu,* namatshe okufakwa, abe ngawengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.
10“Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo: 11 itabernakele,* netende lalo, nesifulelo salo, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo; 12umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa, nesihenqo seveli; 13itafula nezinti zalo nezitsha zonke zalo, nezinkwa zokubukwa; 14nothi lwezibani lokukhanyisa, nezitsha zalo nezibani zalo, namafutha okukhanyisa; 15ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele; 16i-altare lomnikelo wokushiswa nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, 17nezilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zazo, neveli lesango legceke, 18nezikhonkwane zetabernakele, nezikhonkwane zegceke, nezintambo zazo, 19nezambatho ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.”
20Yayisisuka yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ebusweni bukaMose. 21Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele. 22Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo, baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide, bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova. 23Bonke okwafunyanwa kubo okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* bakuletha. 24Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kuJehova, nabo bonke okwafunyanwa kubo umuthi womtholo womsebenzi wenkonzo bawuletha. 25Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo. 26Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi. 27Izinduna zaletha amatshe amashohamu* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba, 28namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo. 29Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.
Ababonisi bemisebenzi
30 UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda; 31umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke 32ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi, 33nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti. 34Ubeke enhliziyweni yakhe ukuba afundise, yena no-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani. 35Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Eksodusi 35: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume