U-Eksodusi 2:1-25

U-Eksodusi 2:1-25 ZUL59

Kwasuka umuntu wendlu kaLevi, wathatha indodakazi kaLevi. Wakhulelwa lowo mfazi, wazala indodana; esebonile ukuthi inhle, wayithukusa izinyanga ezintathu. Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu, walihuqa ngebitume* nangekolitayi,* wamfaka umfana kulo, walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula. Udadewabo wayemi kudana, ukuze azi ukuthi kuyakwenziwani kuye. Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda. Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.” Udadewabo wayesethi kuyo indodakazi kaFaro: “Ngihambe ngikubizele umzanyana kuwo amaHeberu ukuba akuncelisele ingane na?” Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba.” Yasuka intombazana, yabiza unina wengane. Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba nalo mntwana, ungincelisele yena; ngizakukukhokhela.” Owesifazane wamthatha-ke umntwana, wamncelisa. Umfana wakhula, wayiswa kuyo indodakazi kaFaro, waba yindodana yayo. Yamqamba igama lokuthi uMose, ithi: “Ngokuba ngamkhipha emanzini.” Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo. Waphendukela ngalapha nangalapha; esebonile ukuthi akukho muntu, wambulala owaseGibithe, wamthukusa esihlabathini. Waphuma nangosuku olulandelayo; bheka, nanko amadoda amabili amaHeberu exabene; wathi kowonileyo: “Umshayelani owakini na?” Wathi yena: “Ngubani okumise induna nomahluleli phezu kwethu na? Ufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe, na?” UMose wayesesaba, ethi: “Impela le ndaba iyazeka.” UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni. UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise. Kwafika abelusi, bawaxosha. Kepha wayesesukuma uMose, wawasiza, waphuzisa izimvu zawo. Lapho esefika kuRehuweli uyise, wathi yena: “Yini ukuba nisheshe nibuye namuhla na?” Athi: “OwaseGibithe usophulile esandleni sabelusi, futhi wasikhelela amanzi, waphuzisa izimvu.” Wathi kuwo amadodakazi akhe: “Uphi yena? Nimshiyeleni na? Mbizeni, eze ukuzokudla.” UMose wazimisela ukuhlala kulowo muntu; wamupha uMose uSipora indodakazi yakhe. Wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uGereshomu,* ngokuba wathi: “Ngangingumfokazi ezweni elingesilo elami.” Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo. UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Eksodusi 2:1-25