Kwase kufika u-Amaleki, walwa no-Israyeli eRefidimi. UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume ulwe no-Amaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.” UJoshuwa wenze njalo, njengalokho uMose eshilo kuye, walwa no-Amaleki; oMose, no-Aroni, noHure bakhuphukela esiqongweni sentaba. Kwathi uMose esephakamisile isandla sakhe, u-Israyeli wahlula, kepha nxa esehlisa, u-Amaleki wahlula. Kodwa izandla zikaMose zaba nzima; bathatha itshe, walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe, omunye engalapha, omunye engalapha; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga. UJoshuwa wamchitha u-Amaleki nabantu bakhe ngosiko lwenkemba.
Funda U-Eksodusi 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Eksodusi 17:8-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo