U-Eksodusi 14:21-31

U-Eksodusi 14:21-31 ZUL59

UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana. Abantwana bakwa-Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo. AbaseGibithe babaxosha, bangena emva kwabo ngaphakathi kolwandle, namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe. Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.” Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe, phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.” UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela endaweni yalo ngokufika kokusa; abaseGibithe balubalekela; uJehova wabathuntuthela abaseGibithe phakathi kolwandle. Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo. Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo. Kanjalo uJehova wasindisa u-Israyeli esandleni sabaseGibithe; u-Israyeli wababona abaseGibithe befile ogwini lolwandle. U-Israyeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.