Bazakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo; bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo. Ningalidli liseluhlaza, noma liphekwe nokuphekwa ngamanzi, kepha losiwe ngomlilo, ikhanda lalo kanye nemilenze yalo nezibilini zalo. Ningashiyi lutho kuze kube sekuseni; kepha okusele kulo kuze kube sekuseni nizakukushisa ngomlilo. Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, izicathulo zenu zisezinyaweni zenu, nezindondolo zenu zisezandleni zenu; niyakulidla ngokushesha; kuyiphasika likaJehova. “ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova. Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe. “ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade. Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqala kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli. Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, nangosuku lwesikhombisa nibe nomhlangano ongcwele; kungasetshenzwa ngazo, kuphela okudliwa ngabantu bonke; lokhu kodwa makwenziwe yinina. “ ‘Niyakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalona lolo suku ngikhiphile amabandla enu ezweni laseGibithe; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu zonke ngokomthetho waphakade. Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo, kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa. Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba yilowo nalowo odlayo okuvutshelweyo yena uyakunqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma engumfokazi noma engowokuzalwa ezweni. Ningadli lutho oluvutshelweyo; ezindlini zenu zonke anodla isinkwa esingenamvubelo.’ ”
Funda U-Eksodusi 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Eksodusi 12:8-20
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo