U-Eksodusi 1:8-10

U-Eksodusi 1:8-10 ZUL59

Kwavela inkosi entsha eGibithe eyayingamazi uJosefa. Yathi kubantu bayo: “Bhekani, abantu babantwana bakwa-Israyeli baningi, futhi banamandla kunathi; masizihlakaniphele maqondana nabo, funa bande, kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.”