UJosefa wafa, nabo bonke abafowabo, naso sonke leso sizukulwane. Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona. Kwavela inkosi entsha eGibithe eyayingamazi uJosefa. Yathi kubantu bayo: “Bhekani, abantu babantwana bakwa-Israyeli baningi, futhi banamandla kunathi; masizihlakaniphele maqondana nabo, funa bande, kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.” Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi. Kepha ngokubahlupha kwazo kwaba yikhona banda, basabalala; baba novalo ngabantwana bakwa-Israyeli. AbaseGibithe babakhonzisa abantwana bakwa-Israyeli ngamandla. Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.
Funda U-Eksodusi 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Eksodusi 1:6-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo